|
|
|
Isingesiso Womathathu amalungu ethimu yethu ahlala maduzane nomfula Umgeni. Umfula udlala indima ebalulekile ezimpilweni zethu kanti futhi usinikeza ukuxhumana phakathi kwempilo namasiko ethu ahlukene. Umfula nawo unempilo yawo kusuka lapho uqala khona (Esiphethwini) ezintabeni kuya lapho usungenela khona olwandle (usuhlangana nolwandle). Kuleso naleso siteji sempilo yawo uhlangabezana nezithikamezeko kanye nezinto eziwuphatha kabuhlungu. Njengoba imifula ingaphansi kwezithikamezeko kubalulekile ukuba ihlolwe futhi kwenziwe ucwaningo. Umgeni Water Board wenza ucwaningo olunzulu mayelana nokuhlolwa kwamanzi. Kodwa lokho kudinga abantu nje ukuthi nabo bazibandakanye nalokuhlolwa kwamanzi. Emva kokubonisana nabo sibone kukhona isidingo sokuthi senze imininingwane yabo itholakale kwi web site ngendlela enokuxhumana okuthize.
|